Siphelile isineke ezibhedlela - Umbono
2012-09-07 15:20
Cape Town - UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Aaron Motsoaledi ukhala ngokuthi liya lehla kakhulu izinga lokunakekelwa kweziguli kuleli.
Uthi yize inyuka imali ekhokhwa yilabo abanama-medical aid nefakwa nguhulumeni kwezempilo, kodwa lubukeka lwehla uthando lokuhlenga abantu.
Sibe sesibuza abafundi bethu ukuthi ngabe bake bazithola mhlawumbe usesimweni lapho bezizwa benganakekelwa ngendlela efanele noma bengalutholi usizo abaludingayo uma behambele ezikhungweni zezempilo?
Ukukukhela phezulu nje, babeke kanje:
Sandile E Mchunu: Lokho kuyiqiniso ubaba wayegula ngenyanga edlule bafika bamjikisa bathi akanalutho wafika wahlala ekhaya sabona sekuba nzima kakhulu safonela i-ambulensi yafika yamthatha, uthe uma efika esibhedlela walaliswa kodwa abazange bamusize ngalutho ubusuku bonke esezinhlungwini baze bamunika amaphilisi ngakusasa. Ngosuku lwesithathu wasishiya emhlabeni ngomhlaka-31 Julayi 2012.
Sinenhlanhla Msimanga: Uqinisile ungqongqoshe ngikhuluma nje kade singcwaba umakhelwane wami kuleli sonto eledlule ethelwe ngunesi nge-acid esibhedlela wayengene ephethwe yizinyawo engasakwazi ukuzihambela. Uthe esembhedeni waphiswa ukuya endlini yangasese, wamemeza kwangasabela muntu waze wazingcolisa. Kuthe lapho esefika unesi embona ukuthi usengcolile wathi yena akenziwa njalo walanda i-acid wamthela ngayo kusukela ekhanda kwaze kwayofika ezinyaweni.
Nonhlanhla Patricia: Umakhelwane wami wasiwa e-RK khan ephethwe yikhanda elingapheli bafika bamfaka umjovo wabuya engasakhulumi engasakwazi nokuzihambela.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma
ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi
imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- News24