umhlaba

Bafunwa uthuli abadubule eNew Orleans

2013-05-13 16:25

Amaphoyisa aseNew Orleans athi angeke alale bengakabanjwa abahlaseli abadubule edolobheni iNew Orleans, kwalimala abantu abangu-19 abahlanganisa nezingane ezincane.

Kuboshwe abathile ngelokubulala

2013-05-13 14:09

Kuboshwe abalisa ababili eMexico City ngamacala okuphanga nokubulala umzukulu womholi wezamalungelo abantu eMelika, uMalcolm X, kubike abezindaba eMexico.

Kushone 3 kusha ifemu eFrance

2013-05-13 12:06

Umlilo embonini yaseFrance, engasasebenzi, ubulale abantu abathathu, abesefazane ababili nengane, obekungabanye babantu abebekhosele kule ndawo enabantu baseRoma.

U-Obama uhalalisele iPakistan ngokhetho

2013-05-13 07:22

UMengameli waseMelika uBarack Obama ushayele izwe lasePakistan ihlombe ngokusingatha ukhetho lukazwelonke wathi iWashington izimisele ukusebenzisana nabo.

Kuxwayiswa ngamagovu okufa

2013-05-10 14:03

Iziphathimandla endaweni esemakhaya eLos Angeles County zikhiphe isexwayiso kubantu sokuba baqaphele izinja okusolwa ukuthi zibulale oneminyaka engu-63 ubudala.

Akagwetshwe intambo uCastro - Abashushisi

2013-05-10 10:00

Indoda esolwa ngokuthumba nokudlwengula abesifazane abathathu, nabanyamalala okungenani iminyaka eyishumi, ivele ngaphambi kwenkantolo.

Kuthungathwa ingwe ebulale 2 eNepal

2013-05-09 14:01

Amaphoyisa nabaqaphi bezilwane zasendle sebeqalile ukuthungatha ingwe edwenguleylabulala abantu ababili, eNepal, kusho izikhulu.

Esinye isibhicongo eBangladesh

2013-05-09 10:01

Ukuqubuka komlilo efemini yendwangu eBangladesh kushiye okungenani abantu abayisishiyagalombili beshonile, izwe lisalilela esinye isibhicongo kule mboni.

Kushone 3 kucwila umkhumbi

2013-05-08 12:04

Umkhumbi othwala impahla ishayise umbhoshongo echibini laseGenoa, wacwila kwase kushona abantu abathathu, kusho abatakuli.

Sinyuka njalo isibalo kolwaseBangladesh

2013-05-08 07:27

Sesinyuke safinyelela ku-761 isibalo sabantu abashona ngesikhathi kubhidlika ibhilidi elalinamafemu ayisihlanu endwangu eBangladesh, kuveza umbiko wakamuva.

Aqalile amalungiselelo okhetho e-Iran

2013-05-07 14:02

Iziphathimandla zase-Iran ziqalise uhlelo lokubhalisa ngoLwesibili labo abazongenela ukhetho lukazwelonke ngenyanga ezayo, lozongena ezichathulweni zophethe.

Batholakele abaduka ngo-2003

2013-05-07 10:01

Abesifazane abathathu abaduka cishe eminyakeni eyishumi eyedlule ngokwehlukana kwabo, ngesikhathi beneminyaka eko-20 ubudala, babegqunywe emzini oseningizimu neCleveland.

Kubanjwe izinja ebezizokwenziwa inyama

2013-05-06 16:20

Zilinganiselwa ku-1300 izinja esezebiwe eThailand, esikhathini esiyisonto, kusho izikhulu ezithi izinja lezi kwenziwa ngazo izibiliboco ezithengiselwa abantu.

Kushone 17 ezibhelwini eBangladesh

2013-05-06 12:03

Kubulawe okungenani abantu abangu-17 ngesikhathi kutholana phezulu amaphoyisa nezishoshovu njengoba izinkulungwane zabama-Islam zigcwale izitaladi.

 

 

Kulimale nezingane kudutshulwa eNew Orleans

2013-05-13 10:00

Oshayasibhamu bavulele ngenhlamvu ngoSuku loMama edolobheni iNew Orleans, kwalimala abantu abangu-19 abahlanganisa nezingane ezincane, kusho amaphoyisa.

Kubulawe umzukulu kaMalcolm X

2013-05-10 16:08

Umzukulu wesishoshovu samalungelo abantu baseMelika uMalcolm X, ushaywe wabulawa eseMexico, ngesikhathi elwa nabakade bezama ukumbamba inkunzi.

Ithi izoziphindisela iSyria

2013-05-10 12:01

ISyria isisabise yathi izoziphendulela kulona lonke uhlobo lokuhlasela okuqhutshwa ngabakwa-Israyeli, njengoba amasosha ezwe ekhulume athi kuzophenduka amatafula.

Siqhubekile nokunyuka esabashona eBangladesh

2013-05-10 07:25

Sesiphinde sanyuka futhi isibalo sabantu abashona ngesikhathi kubhidlika ibhilidi emasontweni amabili edlule eBangladesh njengoba sesimi ku-1 034.

Kushone 39 engozini yebhasi eNdiya

2013-05-09 12:03

Isibalo sabashone engozini yebhasi esifundeni saseHimachal Pradesh, eNdiya, sesinyukele ku-39, kusho amaphoyisa.

Ezinye izidumbu kolwaseBangladesh

2013-05-09 07:21

Sesinyuke safinyelela ngaphezu kuka-900 isibalo sabantu abashona ngesikhathi kubhidlika ibhilidi elalinamafemu endwangu eBangladesh, kusho umbutho wezempi.

Umphakathi ugxeke amaphoyisa ngolwaseCleveland

2013-05-08 10:01

Omakhelwane bathe eminyakeni eyedlule bawabiza cishe kabili amaphoyisa bewacela ukuba wabheke lo muzi okuyilapho kutholakale khona abesifazane abathathu.

Ushumpulwe ikhanda obulele eSaudi

2013-05-07 16:23

Izikhulu zaseSaudi Arabia zishumpule ikhanda lomuntu zisebenzisa inkemba, kulandela ukuthi etholakale enecala lokubulala owesifazane azame ukumdlwengula.

Senyukile isibalo sabashone ePakistan

2013-05-07 12:02

Isikhulu sikahulumeni sithi isibalo sabantu abashone ngesikhathi iTaliban ihlasela ngebhomu kubanjwe imashi yeqembu le-Islam ePakistan sesinyukile.

Abamathuna banqaba isidumbu sikaTsarnaev

2013-05-07 07:22

Sesiphenduke undingasithebeni isidumbu sikalowo osolwa ngokuqhumisa amabhomu kwiBoston Marathon, uTamerlan Tsarnaev, njengoba umndeni ungayitholi indawo yokumngcwaba.

Umsebenzi ubhunyele umsolwa ngopelepele

2013-05-06 14:02

Ukucabanga okusheshayo komsebenzi wasesitolo esidayisa ukudla eSydney kunqande imizamo yokuphanga ngesikhathi ephosa ibhakede likapelepele ogayiwe esigebengwini.

 
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Mild. Pta: 9-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-16°C Sunny. Cool. Bloem: 6-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-25°C Sunny. Mild. PE: 14-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...